Bongani Khumalo

Ubufakazi

Ngifike ngimncane emishini ngilethwa izinselelo nezingqinamba enganginazo zingikhungathile empilweni yami. Ngalalela izinshumayelo zika Baba uMfundisi Stegen ngathola ukuthi uNkulunkulu ukhuluma nami. Ngalungisa indaba yami noNkulunkulu ngalekelela ezinhlakeni zasemishini. Kuyilapho engathola khona ukuphila impilo entsha.Manje sengihlala Ozwathini. Ngalokho ngithi imishini imiswe nguNkulunkulu ukuze kusizakale abaningi kanye nami. Ngibonga ukuthi uNkulunkulu uyasebenza kuze kube manje,ngibhala nje manje abantu yilokhu befika bebuza ukuthi kuzovulwa nini ukuze ngibahambise badinga usizo.Ngomhlaka 10 Oktoba 2020 kade kufike umama lapha kimi ecela ukuthi axhunyaniswe noSizabantu. Qhubeka Baba Mfundisi kanye nezisebenzi zakho sikanye nawe emsebenzini kaNkulunkulu.

UNkulunkulu uyisiqalo nesiphetho.

Bongani Khumalo

I was young when I first came at Kwasizabantu Mission. I came because of all kinds of challenges and obstacles in my life. I listened to Baba Mfundisi Stegen’s sermons and found that God was speaking to me. I confessed my sins to God and helped in the mission field. That is when I got to live a new life. I now live in Zwathini. God founded Kwasizabantu mission for many people to receive help. I am thankful that God is still working today – many people are coming to ask when the mission will open again so that I can take them to Kwasizabantu because they need help. On October 10, 2020, a woman came to me asking to help her connect with Kwasizabantu. Continue Baba Mfundisi and your fellow workers, we are with you in God’s work.

God is the beginning and the end.