Nompumelelo Maphumulo

Ivangeli Lakhona Leqiniso

Mina Nompumelelo Patience Maphumulo, ngingumzalwane okhonza egatsheni lakwa Sizabantu kusukela ebuncaneni bami. Yebo, ngikhulile ngabuye nganhlanhlatha endleleni kodwa ngiyalibonga kakhulu ivangeli lakwa Sizabantu engalitholayo ngoba langenza ukuthi ekulahlekeni kwami lokho ngibuye ngikhumbule emuva ezintweni engizenzelwe yimishini. Ivangeli lakhona leqiniso elikwaziyo ukushaya isono. Isono nje isono, akukho okungale kwalokho.

Uma ngibuka nje kusukela emuva ngimncane ngiza ezinkonzweni, silandwa izimoto zikababu- mfundisi mahhala hha ngopetroli wakhe angasikhokhisi nanecent. Sizohlala engathi sihleli ehhotela isonto lonke sihleli mahhala sidla ukudla kwamahhala  kathathu ngosuku. Sigeza emashaweni ngamanzi ashisayo into esingayazi emakhaya ethu. Silala ezindaweni eziphambili esingalali nanakuzo emakhaya ethu.

Kuningi kakhulu engakwenzelwa yiMission angazi ngingabala ngithini kungaze kushone ilanga.

Kodwa kukonke nje, kwangisiza emphefumulweni nasenyameni. Ngingathi ngiyabonga kakhulu.

Nompumelelo Maphumulo

I am Nompumelelo Patience Maphumulo. I attended church at Kwasizabantu since my childhood. Although I strayed from the path when I grew up, I am so thankful for the gospel I received through KwaSizabantu, because in my lost state I always remembered what they had done for me. The gospel that is preached is the truth and it calls sin by its name. 

When I look back at my childhood, we attended youth services and were fetched by Baba Mfundisi’s (Rev. Stegen’s) vehicles for free. We stayed in hotel-like accommodation for a week, ate three meals a day and showered with hot water – such accommodation and showers are not things we have at our homes. All this was for free, without having to pay a cent. There is a lot that the mission has done for me, I don’t know where I would stop describing everything – the sun would set before I had finished. In short, I would say I received much help spiritually and physically. So I say thank you very much.